
I-Society of SA Geographers Yemukele Izifundiswa Ezimbili Zase-UKZN
Click here for English version
USolwazi Onisimo Mutanga we-South African Research Chair kwi-Land Use Planning and Management noDkt Adrian Nel wase-Discipline of Geography e-UKZN bangabanye balabo abemukelwe eMkhandlwini we-Society of South African Geographers (i-SSAG) iminyaka emibili.
UMutanga uphinde waqokwa okwesibili ukuthi abe seMkhandlwini, kwathi u-Nel waba kwabanye abayisihlanu abasha basenyuvesi yase-Free State, yase-Pretoria, yase-Mpumalanga, yase-Cape Town neyase-North West.
UMongameli we-SSAG uDkt Richard Ballard we-Gauteng City-Region Observatory uzwakalise injabulo yale nhlangano ngokuthola abantu abasha, amakhono nomdlandla wabo.
Amalungu omkhandlu anemisebenzi eminingi, okubalwa kuyona ukuhlela ijenali ye-Society, ukuhlela izingosi zokubhala, nokubheka ukubhalisa kwi-South African Council for Natural Scientific Professions, imiklomelo yenhlangano neyabafundi, izingqungquthela, izinkundla zokuxhumana namaphephabhuku. U-Ballard ubalule umsebenzi woMkhandlu wokusungula imikhankaso emisha ngokwemicabango yamalungu ngokuthi angenza muphi umehluko njengoMkhandlu kwi-SSAG iyonke.
I-SSAG, esibe sesimweni ekusona kusukela ngonyaka wezi-1994 ngenkathi i-Society for Geography ne-South African Geographical Society ehlangana, inamalungu amaningi enza umsebenzi omningi wocwaningo nowemisebenzi yokufundisa kubona bonke ongoti bezezwe baseNingizimu Afrika.
UMutanga, owafika e-UKZN ngonyaka wezi-2005, uke wabamba eMkhandlwini we-SSAG ebambe isihlalo esithinta ukuhlela izingqungquthela. Uvame ukubalwa ohlwini lwabacwaningi abavelele baseNyuvesi i-30 Top Performing Researchers kanti ungungoti wokuhlaziya isimo semvelo njengoba kuguquguquka isimo sezulu esebenzisa ubuchwepheshe bezinzwa.
U-Nel, onguthisha osemnkantshubomvu eMkhakheni wezeZwe e-UKZN kusukela ngonyaka wezi-2015, ugxile kwipolitiki yezemvelo, esebenzisa imiphumela ukuphucula isilabhasi e-UKZN. Ucwaninga ngoshintsho lomhlaba nezindlela zokuziphilisa, ukonga imvelo, umnotho owonga imvelo, ubudlelwano babantu nemvelo, intuthuko nokonga imvelo empumalanga naseningizimu ye-Afrika, ukufuduka, ukuzazi nobunikazi.
Amagama nezithombe: ngu-Christine Cuénod